
I-Durban Metro Police Service imise omunye wamaphoyisa ayo ngemuva kokuboshwa ekomkhulu lomnyango ngoLwesithathu olwedlule ngamacala enkohlakalo.
Kusolwa ukuthi iphoyisa elithintekayo lifune ukufumbathiswa emphakathini ngokuthembisa imisebenzi emaphoyiseni.
Okhulumela abakwa-Metro Police Service uColonel Boysie Zungu uthe: “Kuvulwe icala lenkohlakalo, kanti amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) ayaphenya ngalolu daba. I[hoyisa elithintekayo livele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu, lwangomhlaka-12 June 2026, futhi ladedelwa ngebheyili.
Umnyango usumise leli phoyisa emsebenzini ngokukhulu ukushesha njengoba kusaqhubeka uphenyo kanye nezinqubo zangaphakathi zokuqondiswa kwezigwegwe ziqhubeka.”
OLUNYE UDABA: Liyalelwe ukuba linxephezele umndeni iphoyisa elabulala uzakwabo
UZungu uthe umnyango uzosebenzisana ngokugcwele namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi lolu daba luphenywa kahle nokuthi kuthathwa izinyathelo eziqondile.
UColonel Zungu unxuse noma ngubani ongaba nolwazi, noma oseke wathenjiswa umsebenzi ngenkokhelo, ukuba abike kuziphathimandla ezifanele ngokushesha.
UZungu uphinde wathi umnyango usalokhu uzibophezele ekuthembekeni, ekuziphenduleleni, ekuhleleni nasekugcineni ukwethenjwa ngumphakathi.
