Kuqinisekiswe ezokuphepha kwi-Comrades Marathon

I-KwaZulu-Natal Provincial Joint Operational and Intelligence Structure (PROVJOINTS) isibeke izinyathelo zezokuphepha ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe siba nomjaho weComrades M,arathon ongenazigameko

Kulindeleke abasubathi abangaphezu kuka- 21 000 abazogijima kwi-99th Comrades Marathon ka-2026, i-Ultimate Human Race.

OLUNYE UDABA: Uthole itshe lemali uGerda Steyn ngokunqoba iComrades Marathon 2025

I-Comrades Marathon Association, isebenzisana namaphoyisa omgwaqo ase-Thekwini kanye nawaseMgungundlovu, imemezele ukuvalwa kwemigwaqo kanti abantu abasebenzisi imigwaqo banxuswa ukuba babambisane nabomthetho ngempelasonto ye-Comrades Marathon.

Umzila wonke we-Comrades Marathon umenyezelwe njengendawo okungamele kube khona ukundizisa imishini efana ne-drone kanye nezindiza ezinophephela emhlane ngaphandle uma unemvume. Noma yimaphi ama-drone angagunyaziwe ukuba andiziswe azokwehliswa ngokuhambisana nomthetho.