
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe umsolwa ngokutholakala nokudayisa izidakamizwa kanjalo nokutholakala nezinhlamvu zesibhamu eChatsworth ngoLwesine.
Amalungu ophiko lwe-Provincial Drugs and Fireamrs Unit, esebenzisana nophiko lwe-K9 amaphoyisa i-SAPS’ E2, asebenzise ulwazi mayelana nendoda okukholakala ukuthi idayisa izidakamizwa.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abasolwa ngokukhiqiza izidakamizwa eKZN
Ngesikhathi kuseshwa impahla yomsolwa, amaphoyisa athole izingcezu zezidakamizwa zohlobo lwe-rock cocaine kanye namaphilisi e-mandrax ngentengo yasemgwaqweni engu-R220 000.
Uphinde watholakala enezinhlamvu zesibhamu ezinhlanu kanye no-R4000, okukholakala ukuthi yimali evela emisebenzini yobugebengu.
Umsolwa uzovela enkantolo maduze.
IZITHOMBE:


