Kushone umama nengane engozini ebandakanya imoto kaNgqongqoshe wezeMpilo

Umama nengane bashone engozini ebandakanya imoto kaNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motoaledi.

Lesi sigameko senzeke ku-N1 eduze kwaseBela-Bela, eLimpopo, ngoMgqibelo, womhlaka-9 May 2026, kanti kuqinisekiswe ukuthi umshayeli uyilungu le-Protection Security Services (PSS).

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, i-SAPS u-Athlenda Mathe, owesifazane nezingane zakhe ezimbili – eyodwa abeyibelethe emhlane kuthiwa wayewela umgwaqo eya kwesinye isigameko esibandakanye umyeni wakhe, naye owayebandakanyeke engozini.

“Kuthiwa washayiswa yimoto eyayishayelwa yiphoyisa elalingasebenzi ngalelo langa washona endaweni yesigameko,” kusho uMathe.

OLUNYE UDABA:Seziboshiwe izigebengu ezidale ingozi eChatsworth

UMathe uthe ngemuva kwengozi ebandakanya owesifazane, uMotsoaledi, kanye nomvikeli wakhe osondelene naye nomshayeli, bamisa imoto ngokushesha endaweni yesigameko, bahlala kwaze kwafika amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo.

“Kwabe sekwenziwa izitatimende kulabo ababekhona endaweni yesigameko.”

Amaphoyisa aqalise uphenyo ngamacala amabili ahlukene okubulala ngokungenhloso.

Ngokusho kukaMathe, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) isithathe uphenyo njengoba bobabili abashayeli bengamalungu e-SAPS.

eNCA