Kuboshwe abasolwa ababili ngokubulala abantu abathathu KwaMaphumulo

Abaseshi bophiko lwamaphoyisa lwe-SAPS iKwaZulu-Natal Provincial Murder and Robbery Unit sebebophe abasolwa ababili ngokubulala amadoda amathathu adutshulwe abulawa endaweni yasoKhahlamba, KwaMaphumulo phakathi nobusuku bangomhlaka-25 April 2024.

Absolwa baboshwe KwaMaphumulo kulandela umsebenzi owenzeka ngobusuku bangoLwesithathu lomhlaka-22 April 2026.

Ekuseni kakhulu ngomhlaka-25 April 2024 amaphoyisa aphuthuma endaweni yesigameko kulandela ukuthola imibiko ngesigameko sokudubula emzini osoKhahlamba, KwaMaphumulo kuthe. Amaphoyisa kuthe efika akhonjwa kurawondi lapho afica khona kudindilize izidumbu ezintathu; esebhungu elineminyaka engu-18 ubudala namadoda amabili aneminyaka engu-22 ubudala. Izisulu zontathu zazinamanxeba amaningi okudutshulwa, bahlonzwa njengabashonile khona endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Kubulawe umndeni eMelmoth, eKZN

Abasolwa, ngaleso sikhathi bebengakaziwa, yize kunjalo, uphenyo lwamaphoyisa olunobuhlakani lwabakhipha, babe sebekhalelwa ngamaSongo kaSigonyela. Imbangela yokubulala ayikaqinisekiswa.

Abasolwa abababoshiwe abaneminyaka engu-29 ubudala nengu-55 ubudalabazovela ngoLwesihlanu, 24 April 2026, eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza. Kungase kube khona abanye ababoshwayo.