
UMnyango wezeMpilo waseGauteng ukhiphe isexwayiso ngemuva kokwanda kwesibalo sabanesifo sikamalaleveva.
Umnyango uxwayisa izakhamuzi ukuthi ziqaphele izimpawu.
Isifundazwe siqophe isibalo sabantu abangu-414 kanye nesibalo sabangu-11 sabantu asebeshonile kusukela ngo-January kuya kuMarch 2026.
OLUNYE UDABA: OwezoLimo eKZN uqede ngenothi eliphezulu ukugonywa kwemfuyo eMkhanyakude
Umnyango uthe ukwanda kwesibalo kungenxa yokuhamba ngamaholide ezindaweni ezisengcupheni enkulu okubalwa iLimpopo, iMpumalanga, iMozambique, iZimbabwe kanye neMalawi, okwandisa ukusabalala komiyane abathwala isifo sikamalaleveva.
Imibiko evela kwabakwa-National Institute of Communicable Diseases (NICD) ikhombisa izinga eliphezulu kakhulu lokutheleleka ngesifo sikamalaleveva ezifundazweni zaseLimpopo naseMpumalanga.
