
Kudutshulwe kwabulawa abasolwa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa aseKZN, eBellair.
Abasolwa babonakale behamba ngemoto yohlobo lweToyota egibeza abantu abangu-7 emhlophe namuhla ntambama.
Ithimba lamaphoyisa okuhlanganisa amalungu ophiko lwe-SAPS eThekwini District, Metro Police Trio Crimes neSAPS CI, lizamile ukumisa le moto ebigcwele amadoda kodwa abaleka ngesivinini.
Abasolwa baaholele amaphoyisa endaweni abacasha kuyo kuWakesleigh Road, eBellair, lapho kube sekuqhuma izibhamu.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abane kwesokudubulana namaphoyisa eNanda
Abasolwa ababili bashonele endlini kanti abanye ababili bashonela ngaphandle.
Kule ndlu bekunabantu besifazane ababili, okukholakala ukuthi yizintombi zabasolwa.
Kutholwe izibhamu ezine endaweni yesigameko.
Umsolwa wesihlanu ugcwele amathafa nokungacaci ukuthi uthole ukulimala.
Iqembu lezigelekeqe lihlobene nezigameko zokugebenga kanye nokudunwa kwamaloli, ikakhulukazi eningizimu yeTheku.
Kubikwe nokuthi abasolwa besebekhathazile emphakathini emine; eMbumbulu, eNtzuma, KwaMakhutha naseFolweni.
Alikho iphoyisa elithole ukulimala kulesi sigameko.
