
I-South African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) igxeke uMnyango wezeMfundo waKwaZulu-Natal ngokuhoxisa imvume yawo yangaphambilini yesiphakamiso sikahulumeni somhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi.
Umnyango ekuqaleni wawumeme abasebenzi ukuthi bafake izicelo zomhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi ngaphandle kwenhlawulo, kodwa manje ukhulume ngezinkinga zezimali ngokungakwazi kwawo ukuhambisana nesinqumo seKhabhinethi.
I-Sadtu ithi lokhu kuguqulwa kubathinta kabi othisha asebevele benze amalungiselelo omhlalaphansi.
OLUNYE UDABA: I-SADTU yeseka uphenyo ngamakhamera asesikoleni esiseChesterville
Unobhala wesifundazwe wenyunyana uNomarashiya Caluza uthi bazoxhumana nomnyango ngalolu daba.
“Sivumelene nama-HOD ukuthi ngoLwesine sizoba nomhlangano nabo. Ngemuva kwalokho, njengoba sishilo esitatimendeni sethu, sisazocabanga isinyathelo sethu esilandelayo. Kodwa umbono wethu njenge-Sadtu ukuthi othisha base-KZN abafake izicelo zomhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi kumele baphathwe ngokulinganayo.”
“Ngenxa yokuthi le nto yenzeka kuzo zonke izifundazwe, akusona nje isinyathelo esenzelwe i-KZN. Ngakho-ke asinakuba nesimo lapho abasebenzi base-KZN bephathwa ngendlela ehlukile kwabanye abasebenzi ezweni. Lokho kuzoba umkhuba ongalungile wokusebenza.”
