Bayavela enkantolo osayitsheni ababili ngezinsolo zokuqola abantu

Kulindeleke ukuthi bavele eNkntolo yeMantshi yaseNtuzuma osayitsheni ababili ngezinsolo zokuqola abantu imali, namuhla.

Labo sayitsheni baboshwe ngoLwesihlanu ngamaphoyisa ophiko lwe-Anti-Corruption KwaZulu-Natal ngezinsolo zokuqola imali kulabo abaqhuba amashibhini angekho emthethweni kanye nokuthengisa ugwayi ongekho emthethweni endaweni yase-Maoti, eNanda, eThekwini.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Amaphoyisa aseKZN agasele ePhoyinti, eThekwini

Osayitsheni babhekene namacala amane okuqola imali, kanti kungenzeka ukuthi kube namacala engeziwe.

Kusolwa ukuthi laba ababili baya kwizisulu zabo bazikhombise izigqebhezana zabo zobuphoyisa ngaphambi kokufuna imali ukuze bangababophi.

eNCA