
Indodana kalowo owayengumongameli waseZimbabwe uRobert Mugabe kulindeleke ukuthi ivele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra namuhla.
UBellarmine Mugabe ubhekene namacala okuzama ukubulala ngemuva kwesigameko sokudubula emzini womndeni waseHyde Park.
OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu ngokulimala kwamaphoyisa amabili kwesokudubula kwaBester
Nakuba amaphoyisa ethole amagobolondo ezibhamu endaweni yesigameko ngoLwesine, awakasitholi isibhamu esisetshenziswe ukudubula.
Uphiko lwe-K9, kanye namaphoyisa abatshuzi, asibheka isibhamu kodwa angaphumelela.
UMugabe nalowo asolwa naye bachithe impelasonto esitokisini kulandela ukuboshwa kwabo ngoLwesine.
