
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal, uMbali Shinga, ukugxeke kakhulu ukubulawa okunonya nokungenangqondo kukaLindani Magasela oneminyaka engu-18 ubudala, okusolwa ukuthi wagwazwa wabulawa oLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Isigameko senzeke ngoLwesine, lwangomhlaka-22 January 2026 kanti kukholakala ukuthi leli bhungu lalizihambela edolobheni ngesikhathi lihlaselwa, libulawa yiqulu labantu.
Kusolwa ukuthi lokhu kuhlasela kuhlobene nobugebengu, okuyabaniswa nezigebengu ezidayisa izidakamizwa eziphethe umphakathi waseoLundi lubhojozi.
OLUNYE UDABA: Ukhalelwe amasongo kaSigonyela “ogwaze wabulala owayeyisoka”
Ngesikhathi sesigameko sokuhlaselwa wephucwe iselula yakhe kanye nemali.
UNgqongqoshe uShinga uchaze ukubulawa kwale nsizwa njengesenzo sobudlova esishaqisayo nesithathele umndeni indodana saphinde saqeda ngempilo yomuntu ebithembisa behlalisa nomohakathi kabuhlungu.
UNgqongqoshe unxuse izinhlaka zomthetho ukuthi zithathe isinyathelo ngokushesha nangokuqondile ukuqinisekisa ukuthi labo ababangela lobu bugebengu obubi bayabanjwa futhi babhekana nengalo yomthetho.
