“Asikho nesisodwa isifunda nesikole esithole u-0% esifundazweni”

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka uvumile ukuthi kunezinselelo ekulethweni kwe-stationary kwezinye izikole ngaphambi kokuvulwa kwezikole ngoLwesithathu.

UHlomuka uthi izikole ezikhiqiza abafundi abenza kahle kakhulu esifundazweni zisezindaweni zasemakhaya futhi azinazo izinsiza ezanele.

UNgqongqoshe wengeze ngokuthi asikho isifunda esifundazweni esiqophe izinga lokuphasa elingaphansi kuka-85% futhi asikho isikole esithole izinga lokuphasa elingu-0%.

UNgqongqoshe uthi umnyango wakhe uzosebenza ukuqinisekisa ukuthi ukuqala konyaka wesikole akuphazanyiswa.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uGwarube uzomemezela imiphumela kaMatric 2025

“Namuhla sizogubha imizamo yabo bonke labo abaqinisekise ukuthi siqhubeke nokuyisa phambili isifundazwe sethu kungakhathaliseki ukuthi kwenzekeni nokuthi sinezinselelo.

“I-KZN ikhiqize ama-bachelor pass amaningi. Okwenza ikhwalithi yeKwaZulu-Natal ihluke wukuthi isuka ezindaweni zasemakhaya, njengakoMkhanyakude. Le khwalithi ivela ezikoleni ezinezinselelo zengqalasizinda ezifundeni ezahlukene.”

SABC