
Njengamanje amathimba ezimo eziphuthumayo asendaweni yesigameko lapho kuphangalale khona umuntu.
UGarrith Jamieson we-ALS Paramedics uthi imibiko yakamuva ithi kube nesigameko sodlame lwasekhaya phakathi kwendoda nowesifazane endaweni yebhizinisi.
OLUNYE UDABA: Zizoba ngomakhelwane esitokisini izithandani kulandela ingxabano
Kubikwa ukuthi owesilisa uhoshe isibhamu wadubula owesifazane ngaphambi kokusibhekisa ngakuye, azidubule.
Owesilisa uhlonzwe njengoshonile ngabosizo loluqala kanti owesifazane yena uthole amanxeba anzima.
Lolu wudaba oluqhubekayo.
