Sesifikile isikhathi sokuvuselela amalayisensi amabhizinisi

Kwethulwe isizini yonyaka yokuvuselelwa kwelayisensi yebhizinisi kusukela namuhla, kuwumhlaka-1 December.

USihlalo weKomidi lokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela LeDolobha, ukhansela uThembo Ntuli, uthe ukuvuselelwa kwamalayisensi ebhizinisi kungaphezu kokuba yinto esemthethweni. Kuqinisekisa ukuphathwa okufanele kanye nokuzibophezela emikhakheni yebhizinisi.

Abamabhizinisi bangavuselela amalayisensi amabhizinisi abo mahhala nge-inthanethi ngokungena kwiBusiness Licensing Portal etholakala kwi-website kaMasipala – http://www.durban.gov.za.

Ngale kwalokho, abamabhizinisi bangavakashela noma yiliphi iHhovisi Le-Business Licensing, lapho athola khona ilayisensi yebhiinisi yokuqala.

Ukusebenisa i-inthanethi kunikeza ulwazi olusebenziseka kalula lokucubungula ukuvuselelwa, izicelo ezintsha, kanye nokuchibiyela.

OLUNYE UDABA: Izwi Lomzansi libungaze ubudlelwano obunalo nosomabhizinisi

Inqubo yokuvuselela iyalelwe ngaphansi koMthetho ka-Section 15 of the Business Regulations ngokwe-Business Act 71 of 1991.

Lo mthetho udinga ukuthi abanamalayisensi baqinisekise ukuthi amabhizinisi abo asasebenza endaweni enelayisensi nokuthi akukho bhizinisi elidinga ilayisensi eliqhutshwa lapho.

Ngemuva komnqamlajuqu, abaHloli Belayisensi, ngokubambisana nezinhlaka zomthetho, bazokwenza ukuhlolwa okungahleliwe kwamabhizinisi angakavuseleli amalayisensi awo.

Amabhizinisi angalandeli imithetho angase abhekane nokushushiswa kanye nokuhoxiswa kwamalayisensi awo.

IKhansela uNtuli unxuse abamabhizinisi asebenza ngaphandle kwamalayisensi ukuba bathathe isinyathelo ngokushesha ethi: “Kuyicala lobugebengu ukuhweba ngaphandle kwelayisensi esebenzayo. Sikhuthaza wonke umuntu ukuba alandele imithetho ukuze agweme ukuhlawuliswa.”