Sekuqalile ukuthungathwa kwabasolwa abadubule 7 babulala 2 eWentworth

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqalise umkhankaso wokuthungatha abasolwa ababalelwa kwababili abadubule babulala abantu ababili kwalimala abanye abayisikhombisa ngesikhathi sesigameko sokudubula esenzeke kuMajor Calvert Street eWentworth ngoLwesihlanu ekuseni.

Imibiko ikhombisa ukuthi inani elingakaqinisekiswa labantu belihleli ngaphandle kwefulethi ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lwe-Mazda 3 egrey isondela kubona.

Kule moto kuphume amadodoa amabili avulela ngenhlamvu ebhekise kubantu abebehleli.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesilisa elibangise emsebenzini eMlazi

Izisulu zibe sezibaleka kodwa la madoda azigijimisa ezijaha ngesibhamu eqhubeka nokudubula.

Kulesi sigameko kushone abantu ababili kwathi abayisikhombisa baphuthunyiswa esibhedlela kulandela ukuthola amanxeba okudutshulwa. Kuso lesi sigameko kudutshulwe kwabulawa nenja.

Izisulu zineminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-22 ubudala.

Imbangela yesigameko ayikaziwa kodwa izimpi zamaqembu ezigelekeqe nezidakamizwa ziyasolakala.