
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo uSipho Hlomuka ushayele ihlombe amaphoyisa ophiko lwe-SAPS, uMasipala Wesifunda saseMgungundlovu nabo bonke abanye ababambisene nabo ngemizamo yabo yokuqinisekisa ukuboshwa kwezigilamkhuba.
Lokhu kuza ngemuva kwesigameko esishaqisayo sokushiswa nokwebiwa kwempahla esikoleni iMpolweni Secondary. Abomthetho bathathe izinyathelo ezisheshayo ngalolu daba, kwaboshwa abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-19 ubudala.
OLUNYE UDABA:Kucekelwe phansi isikole ngesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo eKZN
Phakathi kwempahla eyebiwe kutholwe izitembu zesikole, amaketela nenye impahlaebalulekile yesikole.
Abasolwa njengamanje basesitokisini samaphoyisa kanti futhi baphekwa ngemibuzo ukuze basize ngophenyo olwengeziwe.
