Bavaleleke e-Asia abantu bakuleli abashushumbiswa bethenjiswe umsebenzi

Abantu baseNingizimu Afrika abangu-41 bacela usizo kulandela ukweqa endaweni yaseMyanmar lapho abebeshushumbiselwe khona.

La bantu bashushumbiswa besuka kuleli beyiswa eSoutheast Asia bethenjiswe umsebenzi ongekho.

OLUNYE UDABA: Inkantolo yaseMalawi ivumile ukubuyisela uBhushiri nomkakhe kuleli

Nakuba bekwazile ukubalekela endaweni yezigilamkhuba, njengamanje bavaleleke kule lizwe elinezinxushunxushu.

U-Emma van der Walt weBrave to Love uthe abantu baseNingizimu Afrika nabaseNamibia yibo abalandelwa kakhulu.

“kudingeka ukhulume isiLungu kahle uphinde ube nolwazi lwe-IT,” kusho uVan der Walt.

“Bashushumbiswe kulezi zindawo kanti manje badinga usizo.”

eNCA