
Izinkulungwane zababhikishi zibuthene ngaphandle kwasefulethini lapho izingane ezimbili ziphonseke khona emgodini we-lift zisuka esitezi sesine.
Le nhlekelele yenzeka ngoMgqibelo odlule, nokuyilapho amawele u-Aphelele no-Aphile Dlamini ayedlala khona nabangani.
Kulesi sigameko kushone u-Aphelele oneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, kanti udadewabo u-Aphile yena ulwela impilo yakhe esibhedlela.
Kumi konke kuJoe Slovo Street ngaphandle kwesakhiwo saseHomii, lapho abantu befuna izimpendulo kulandela izinhlekelele.
Amaphoyisa akhona endaweni njengoba kuqhubeka le mbhikisho.
OLUNYE UDABA: Ufuna ubulungiswa ubaba wamawele awele emgodini we-lift esuka esitezi sesine
Kulo mbhikisho kunomoya yokuthula nosizi, izakhamuzi ezithukuthele zifuna umndeni wakwaDlamini uthole ubulungiswa.
Izakhamuzi zikholwa ukuthi isigameko besingavimbeka kanti futhi zithi lesi bekungesiso isigameko sokuqala esenzeka kuleli fulethi laseHOMii.
Kubikwa ukuthi eminyakeni emibili eyedlule kwashona owesifazane ngendlela efanayo nale.
Imashi ehleliwe ebheke ehhovisi elikhulu laseHOMii imisiwe kulandela ukuba kunqatshelwe abahleli imvume kodwa izinkulungwane zababhikishi zona zithe aziyi ndawo zingayitholile impendulo.
Ngaphakathi kuleli bhilidi, i-lift isifakwe isalotepe. Esitatimendeni, i-HOMii iqinisekise isigameko, ithi ibambisana neziphathimandla futhi inikeza iseluleko emndenini othintekile. Kodwa-ke, njengoba lolu daba seluphambi komthetho manje, uHomii ucele ukunikwa isikhathi.
WATCH: Members of the MK Party, March and March Movement and Operation Dudula are picketing outside the Hommi flats in central Durban and demanding justice for the Dlamini twins who fell into an unmanned lift hole within the building.
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) October 27, 2025
One of the twins died while the other one is… pic.twitter.com/vUKJFlkJ6D
