
UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko waKwaZulu-Natali(KwaZulu-Natal MEC for Cooperative Governance and Traditional Affairs), uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ushayele ihlombe izinyathelo ezisheshayo neziqondile zezikhungo zomthetho kulandela ukuboshwa kwabasolwa abane abatholakale bephethe ingqalasizinda yomphakathi eyebiwe.
Abasolwa abathathu okungabokufika kuleli oyedwa oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika, abaneminyaka ephakathi kwengu-41 nengu-44 ubudala baboshwe ngoLwesithathu ku-R33 phakathi kwaseVryheid nasePaulpietersburg.
OLUNYE UDABA: Izisulu zezikhukhula e-EC zenzelwe omazisi nezitifiketi zokuzalwa ezintsha
Batholakale bephethe ingqalasizinda yakwa-Eskom, itransformer kanye neminye imishini ebalulekile ehlobene nogesi, okukholakala ukuthi iyingxenye yomsebenzi wobugebengu obukhulu okuhloswe ukucekela phansi ingqalasizinda yomphakathi.
UNgqongqoshe wesifundazwe uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngomkhuba owandayo wokwebiwa kwengqalasizinda, okungagcini nje ngokuphazamisa ukusebenza komasipala kodwa futhi okubeka ubunzima bezezimali ezimalini zesabelomali sikahulumeni basekhaya esezivele ziyinkinga.
IZITHOMBE:



