
IJudicial Conduct Tribunal ephenya ngezinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi ezibhekiswe kuMengameli wamaJaji ase-Eastern Cape, uSelby Mbenenge, izophinde iqhubeke ngemuva kokulihlehliswa isikhathi eside.
Inkantolo izolalela abameli bakaMbenenge kanye nommangali uMandisa Mengo eRosebank.
UMengo usola iJaji ngokumhlukumeza ngokocansi ngesikhathi engunobhala wakhe.
OLUNYE UDABA: UMbenenge uyakuphika ukuthi wathumela isithombe sesitho sakhe sangasese kuMengo
Kodwa uMbengenge uyaziphika lezi zinsolo, ethi okwenzeka phakathi kwabo babevumelene ngakho.
