
Wethulwe ngokusemthethweni umkhankaso wesizini yasehlobo namuhla endaweni yaseSithumba Village ngaphansi kwaseValley of a Thousand Hills, lapho obekuvezwa khona ukuthi idolobha likulungele kangakanani ukwamukela inqwaba yezivakashi kulama holidi okuphela konyaka.
Kulindeleke izivakashi ezilinganiselwe kwezingu-1.3 million kanti ezokuphepha kwezakhamuzi kanjalo nezivakashi nakho kuqinisekisiwe.
OLUNYE UDABA: Kwethulwe umkhankaso wokukhuthaza ukutshala endaweni yase-Underberg
Lo mkhankaso obuhanjelwe yizikhulu zeDolobha, izakhamuzi zasendaweni yaseSithumba, osaziwayo bedolobha nabanye abaningi, wethulwe ngaphansi kwendikimba ethi: “Visit Durban: Endless Waves of Tranquility.
Abathandi bamafestivali nomculo bangalindela imicimbi efana neDubane Summer Break, INK Kasi Experience, iGagasi FM Beach Fest neDurban Fact Rocks, kanti imindeni yona ingalindela iBotanic Gardens Trail of Lights neminye imicimbi eminingi.
IZITHOMBE:






