
Inkosi yaMaZulu uMisuzulu kaZwelithini isigxekile isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sakamuva esivumela amadoda ukuthi athathe isibongo samakhosikazi awo.
Ngasekuqaleni kwale nyanga, inkantolo ephakeme yezwe yakhipha isinqumo sokuthi owesilisa angathatha isibongo somkakhe noma asebenzise zombili izibongo emshadweni.
Inkantolo ithole ukuthi izingxenye ezithile zoMthetho Wokubhaliswa kokuzalwa nokushona komuntu (iBirths and Deaths Act) azihambisani nomthethosisekelo njengoba zicwasa ngokobulili.
OLUNYE UDABA: INkantolo yoMthethosisekelo isikhiphe isinqumo sokuthi amadoda asengazithatha izibongo zamakhosikazi awo
Ngaphansi komthetho wamanje, umyeni akakwazi ukuthatha isibongo somkakhe ngaphandle kwemvume yoMnyango Wezasekhaya.
ISilo uMisuzulu sizwakalise ukungahambisani naso lesi sinqumo phambi kwezinkumbi zabantu KwaDukuza abebehambele umcimbi wesikhumbuzo soMkhosi weLembe.
Umcimbi waminyaka yonke uhlonipha ifa leSilo uShaka Zulu, owabulawa ngomhlaka-24 September 1828 esigodlweni sakhe saKwaDukuza.
“Ngizogcizelela lokhu, makungabikho ndoda eshintsha isibongo ibize isibongo somkayo. Kuyihlazo futhi kukhomba ukuphela komhlaba. Ningavumi.
“Asibambelele kulokho esikwaziyo nesikufundiswe ngamakhosi ethu akudala, singazikhohlwa.”
