
Ziyanda izindawo eziyimijondolo enesibalo esiphezulu sabantu abahlala kuyo eziphenduka izindawo zokucahsa izigilamkhuba, lokhu kungokusho kweSekela likaKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uPhumelele Makoba.
UMakoba ukhulume kanje nabeNewswatch esho ukuthi sebethole iphethini labasolwa abathutheleka kulezi zindawo ukuze bagweme ukuboshwa.
Amalungu amahlanu ezigebengu, abefunelwa amacala okubulala, ukugqekeza izindlu kanye nokubamba inkunzi, abulawe ngesikhathi edubulana namaphoyisa emijondolo yasePumphouse eChatsworth ngoMsombuluko ekuseni.
OLUNYE UDABA: “Umphakathi oncinze amaphoyisa indlebe ngabasolwa abahlanu ababulewe eChatsworth”
Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu, okubalwa kuzo nesokuzakhela ekhaya.
UMakoba uveze ukuthi ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, imigudu emincane, nenqwaba yemfucuza kuphakamisa ukukhathazeka okukhulu kwezokuphepha.
“Kuyinkathazo enkulu. Akusikho lapha kuphela kodwa ezingxenyeni zesifundazwe, zikhona izindawo ezifana nale kodwa yizo izindawo izigebngu ezisizakala khona,” usho kanje.
“Bafike bacashe ezindaweni ezifana nalezi, izindawo okungekho lula ukuthi amalungu angene kuzo ukuze baboshwe. Ukwakhiwa kwemvelo kuyinkinga enkulu. Akulula ngisho ukuvimbela ubugebengu kulezi zindawo.”
