
INkantolo yeSifunda eThekwini igwebe indoda eneminyaka engu-32 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14 ubudala eCato Crest eThekwini ngoDecember 2024.
Ummangalelwa wayekade ethandana nomama wesisulu kudala, bahlukana. Ngosuku lwesigameko umama wesisulu wamshiya nomfowabo bebuka ithelevishini yena wahamba.
Ummangalelwa wafika wabuza isisulu ukuthi uyephi umama wabo.
Isisulu sachaza ukuthi akekho umama waso. Ummangalelwa wadlwengulwa isisulu sathi asingaxoxeli muntu ngesigameko. Wamtshela ukuthi uma ebika unina uzomelwa yinhliziyo ashone.
OLUNYE UDABA: Ugcwele amathafa uthisha “odlwengule” ufundi, 13
Isisulu sathula nendaba kodwa umama waso waqaphela ukuthi isisulu sasidangele kanti siwumuntu ovame ukwenama.
Indaba yagcina ivele obala kwaboshwa ummangalelwa. Isisulu shanjiswa esibhedlela sayohlolwa.
UMshushisi uKhanyi Sabelo, ubize ofakazi okuyisisulu, umama wesisulu nodokotela owahlola isisulu.
Kwethulwe nesitatimende sesisulu esasenze siluswe wuNondumiso Nyembe oyi-Court Preparation Officer.
Isisulu esitatimendeni sithe sizizwa sengathi kukhona okubi esikwenzile. Sithe sihlala sidangele futhi siyashesha ukucasuka. Sithe nasesikoleni sidonsa kanzima.
Ngokwesitatimende se-NPA, ngaphezu kwesigwebo sikadilikajele, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lizofakwa ohwlini lwabanukubeza ngokocansi.
I-National Prosecuting Authority iyasemukela isigwebo. Kuwumsebenzi wethu ukulwela abagilwa bobugebengu bathole ubulungiswa.
