
ILungisani Mavis Dhlamini Foundation eyasungulwa ngonyaka ka-2023, ukuvala inyanga yabantu besifazane ibambe inkonzo yomkhuleko wezintombi ezizohambela Umkhosi Womhlanga ozoba eMashobeni.
Le nkonzo ivame ukuba esontweni lokugcina lenyanga ka-August kanti ibibanjelwe esigodlweni samaQadi eNanda.
Umkhuleko kuhloswe ngawo ukunxusa uNkulunkulu ukuba athele umusa phezu kwezimbali zezwe kanye nohambo oluphephile olubheke eMkhosini Womhlanga. Enye yezinhloso zalo mkhuleko waminyaka yonke ukuqonda nokuqwashisa amantombazane amancane ngezinto abhekana nazo emiphakathini ahlala kuyo, ezikoleni kanye nezingqinamba ezikhona. Ukugqugquzela amantombazane amancane ngokuthi akwazi ukuzimela aphinde avuseleleke ekutheni akwazi ukuzethemba.
OLUNYE UDABA: Othisha baseQwabe benze okuhlukile ukugubha inyanga yamadoda
Inkonzo ibihanjelwe yiNkosi yamaQadi, yiQadi Tribal Authority, eThekwini Metropolitan Municipality: Social and Community Development, Ekasi Grills, Zulu maiden groups kanjalo namaphoyisa ophiko lwe-SAPS.
Ukuqinisekisa ukuthi amatshitshi aphephile emigwaqeni wonke amabhasi azothatha uhambo olubheke eMkhosini Womhlanga azohlolwa ngaphambi kwalo kuphinde kube nendlela ezokwazi ukubika umshayeli uma eke wathinta izinkambi zikaFaro.
Amatshitshi azoya emhlangeni akhuthazwe nangokuthi agqoke imibala eyahlukene ukuze kube lula ukuwahlonza.
Le nhlangano ikhuthaza ubuciko, ezemidlalo, amasiko kanye nenhlangano yokusiza ebhekelela izinkinga zomphakathi kanti lokhu ikwenza ngoba la mantombazane asemancane ayikusasa lezwe nomama bakusasa.
