Seluqalile uphenyo ngephoyisa elisolwa ngokubandakanyeka kwezepolitiki eKZN

Iphoyisa laseKZN lihoxile emsebenzini ngenxa yezinsolo zokuthi wenza ipolitiki

LIzithole lisobishini iphoyisa lasenyakatho yeKwaZulu-Natal

UKhomishana wamaphoyisa, uNhlanhla Mkhwanazi, usekhiphe umyalelo wokuba uConstable ahoxiswe emsebenzini esiteshini samaphoyisa eNtambanana esifundeni iKing Cetshwayo.

Lokhu kwenzeka ngenxa yezinsolo zokuba leli phoyisa like labandakanyeka kwezepolitiki.

OLUNYE UDABA: IVIDEO: Lisobishini iphoyisa elishayele imoto yamaphoyisa ingenasicabha

Ngokwesitatimende samaphoyisa leli phoyisa lisolwa nangokuphatha inkampani yonogada.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uRobert Netshiunda, sekuqalwe uphenyo.

“Leli phoyisa okukhulunywa ngalo like labonakala ligqoke umfaniswano weqembu lepolitiki, futhi lizibandakanya nepolitiki esebenzayo yeqembu lezombusazwe. Amaphoyisa alindeleke ukuba angathathi hlangothi ngaso sonke isikhathi. Noma yikuphi ukuzihlanganisa kwephoyisa neqembu lepolitiki kungaba namandla okubeka igama lenhlangano ehlazweni.

“USection 46 weSouth African Police Service Act, Act No. 68 of 1995, uvimbela iphoyisa ukuthi lidalule esidlangalaleni noma lizwakalise ukweseka noma ukuzihlanganisa neqembu lezepolitiki, ukuba libe nesikhundla eqenjini lezepolitiki, lifake noma yiluphi uphawu oluqondene neqembu lezepolitiki, noma nganoma iyiphi enye indlela ngokuqhubekayo noma ngokubanentshisekelo eqenjini lezepolitiki.

UNetshiunda uthi uMkhwanazi uzophinde axhumane nomlawuli ozimele, iPSIRA.

“UKhomishana wesiFundazwe uzophinde axhumane ne-PSIRA ukuze kuphenywe ngezinsolo zokuthi lona lelo phoyisa okukhulunywa ngalo linenkampani yonogada eyenza i-VIP Protection Services, phakathi kweminye imisebenzi yezokuphepha. Alikho iphoyisa elivunyelwe ukubamba iqhaza embonini yezokuphepha, yotshwala noma yamatekisi.”