
Inkampani yonogada ezimele isiyamanise ukwanda kwezigameko zokugqekezwa kwezindlu e-KZN, nokushoda kwezinyathelo zokuphepha ezifanele.
Ucwaningo lwakamuva lwe-Stats SA lwe-Governance, Public Safety and Justice Survey luveze ukuthi ukugqekeza nokwebiwa kwempahla kusewubugebengu obujwayelekile emindenini kuleli.
Umbiko waminyaka yonke uphinde waveza ukuthi amakhaya aphethwe ngamadoda kanye nezakhamuzi zaseKZN yibona abathinteka kakhulu.
OLUNYE UDABA: Stats SA: Linyuke ngo-01% izinga labantu abasebenzayo
Zilinganiselwa ku-1.5 million izindlu ezigqekezwe ngonyaka odlule, okuthinta cishe u-6% wemizi.
UGareth Naidoo, osebenzisana neKZNVIP, uthe iningi lalezi zigameko azibikwa.
“Eminyakeni emibili eyedlule, sibone ukwanda okunamandla. Bayanda abantu abangakwazi ukufaka ama-alamu emzini yabo kanjalo nokuzivikela,” kusho uNaidoo.
“Ezinye zezinto ezinomthelela ekuhlaselweni kwezigebengu ezindlini, sinokwanda kwezinkinga ezihlobene nezidakamizwa, abadla izidakamizwa, empeleni abenza amacala obugebengu ukuze baqhubeke nokulungisa isimo sabo sansuku zonke. Izimpahla eziyigugu zishiywa ngaphandle kwezakhiwo zimema izigebengu, ukungakhanyi kahle, noma ngisho nokuntula ukuphepha okubonakalayo.”
