zibhikishela ukungalethwa kwezidingo Izakhamuzi zaseBluff

Umphakathi waseBluff, eningizimu yeTheku, uthi uzizwa sengathi awunakiwe uma kuziwa endabeni yokulethwa kwezidingo.

Izakhamuzi ebezikhungathekile zimashe kule ndawo ngempelasonto ngenxa yokungagculiseki kwezidingongqangi zikamasipala.

U-Allison Schoeman, ongaphansi kweBluff Ratepayers and Residents Association, uthi izikhalo zabo azinakwanga isikhathi eside.

“Imali ekhokhwayo iyenyuka. Impahla yabo iyancipha futhi abazitholi izidingongqangi njengoMphakathi.

OLUNYE UDABA: Kuzophela ukuhamba obhuqwini kubahlali baseNdwedwe kuthulwa abazofaka itiyela

“Iningi lamalambu ezitaladini zaseBluff zicishwe isikhathi eside.

Uthi baphinde bahambisa uhla lwezikhalazo kuKhansela weWadi uZoe Solomon.”Umasipala kumele abambe imihlangano nezifundazwe kanye nohulumeni.

Ubugebengu buyinkinga enkulu eBluff, futhi budlondlobale ngempela ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, Izakhamuzi azisazizwa ziphephile.”

EASTCOAST RADIO NEWS