Kuvundululwa othisha “abayizipoki”

Bazohlala obala othisa “abayizipoki”, abaxhaphaza imali kahulumeni njengoba uMnyango wezeMfundo eyisisekelo, uphezu kohlelo lokuqinisekisa ukuthi bonke othisha abaholelwa wumyango, bakhona ngempela.

Lolu hlelo lwethulwe ngenhloso yokuba kuqedwe izipoki, okusolwa ukuthi zitamuza imali kahulumeni, kanti othisha bazohlolwa kuzona zonke izifundazwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukhona ngempela uthisha oqashiwe, kuzofanele aziveze, abonakale.

Lolu hlelo luzocacisa ukuthi bangakanani othisha abayizipoki abaholelwa nguhulumeni, futhi luzoveza ukuthi ingakanani imali kahulumeni esichithiwe noma echithwayo, ukuholela lezi zipoki.

NgoLwesihlanu wesonto eledlule. Umkhandlu obizwa nge Education Labour Relations Council (ELRC), umemezela ukuthi ujutshwe wuMnyango wezeMfundo eyisisekelo kazwelonke nakuzo zonke izifundazwe, kanye nezinyunyana zothisa ukwenza lo msebenzi.

OLUNYE UDABA: ‘Othisha badinga ukuqeqeshwa mayelana nokuqondisa izigwegwe abafundi’

Uthi ujutshwe ukuba uphenye ngezinsolo zokudayiswa kwezikhundla zothisha, okuyinto enesikhathi eside kukhulunywa ngayo.

Lo mkhandlu uhlawumbisele ukuthi uhlelo lokuqinisekiswa kwamagama othisha nabafundi, luzophothalwa ekupheleni kuka Mfumfu kulonyaka.

Lolu hlelo lwamukelwe yikomidi lasePhalamende noMnyango wezezisebenzi zikahulumemeni nokuphatha.

uJan De Villiers ongusihlalo walelikomidi, uthi indaba yezipoki ezidla imali kahulumeni ngeke izitshwe.

Uthi beyikomidi umkhuba onjengalona bawuthatha njengento eyenza umphakathi ulahlekelwe yithemba kuhulumeni.

Obhalile ngu: Bheki Ndlovana ILANGANewspaper