
irobhothi igama lalo elingu-Iris lizakhele udumo emyangweni wezemfundo kanye nesayensi emva kokwethulwa kwalo ngokusemthethwen umhla zingu- 19 kuNcwaba 2025.
Usomabhizinisi waKwaZulu-Natal, uThando Gumede, uqophe umlando ngokwenza irobhothi lokuqala laseNingizimu Afrika lokufundisa elikwazi ukufunda kahle zonke izifundo kusukela kwaGrade R kuya ezingeni lemfundo ephakeme ngezilimi ezingu-11 ezisemthethweni zakuleli.
UGumede oneminyaka engu- 31 ubudala, owake waba nguthisha wasendaweni yasemakhaya eHluhluwe, uthi waqala ukwenza lolu hlelo eminyakeni eyisishiyagalombili edlule.
[WATCH] Thando Gumede weBSG Technologies wethula u-Iris – irobothi
Uthi ukwethulwa kukamuva kwe-Artificial Intelligence (AI) nakho kwathuthukisa ukuphothulwa kwalo komsebenzi ngokushesha.
Irobhothi eliqanjwe ngo-Iris lethulwe eThekwini wuMnyango wezeSayensi, nezobuchwepheshe kanye nokubambisana noMnyango wezeMfundo eyisiSekelo. Irobhothi elifana nomuntu linezici ezikhethekile ezihlinzeka ngezifundo ezisebenzisana nawo wonke amabanga, kanye ngazo zonke izilimi ezisemthethweni ezingu-11.
UThando uthi inhloso wukusiza othisha nokuhlomisa abafundi ukuthi bafinyelele kumakhono abo ngokugcwele.
