Ukuncishiswa kwamanzi kuzophinde kuqale e-KZN

Izakhamizi zasezingxenyeni zaKwaZulu-Natal zaziswe ukuthi zilindele ukuqala kabusha kokuvalwa kwamanzi kusukela ngenyanga ezayo. Lokho kushiwo uMngeni-uThukela Water.

Lenhlangano ithi le mikhawulo izothinta umasipala weTheku, uMsunduzi kanye noMgungundlovu.

Ithi lesi sinyathelo siqinisekisa ukulandelwa kwemithetho kazwelonke yamanzi futhi sivikela ukuhlinzekwa kwamanzi esikhathini esizayo ohlelweni lomfula uMngeni.

Okhulumela umnyango, uMnuz Siyabonga Maphumulo, uthi nakuba amazinga amadamu ezinzile kodwa kubalulekile ukuhlela isomiso esingase sibe khona.

OLUNYE UDABA: Kuzoba nokuvalwa kwamanzi okuhleliwe eThekwini

Uthi omasipala bazokwazisa abahlali ngemikhawulo ethile sekusondele isikhathi.

“Lokhu kungenelela kuhambisana nemibandela yelayisensi yokudonsa ekhishwe uMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle lapho ithi, uMngeni-uThukela Water akufanele eqe imingcele ebekiwe uma edonsa amanzi emadamini.

“Lokhu kwenzelwa ukuvikela ukusimama kwesikhathi eside kohlelo kanye nokuqinisekisa ukutholakala kwamanzi ngezikhathi zokugeleza noma lapho imvula ingekho. Ukuncishiswa kuzobandakanya ukuncipha ngamaphesenti amanzi ahlinzekwa omasipala abathintekayo.”

EASTCOAST RADIO NEWS