
Kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa, okukholakala ukuthi ungumshayeli wezokuthutha wobuchwepheshe besimanje (Uber) ngemuva kokuhlasela eMaponya Mall ngoLwesithathu ebusuku.
Kubikwa ukuthi ngemuva kokudutshulwa, abahlaseli bayishise yangqongqa imoto umshayeli engaphakathi.
Amaphoyisa aphinde aqinisekisa ukuthi abanye abantu ababili, oyedwa ongumshayeli kanye nomuntu obedlula ngendlela baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okudutshulwa kulandela lokhu kuhlasela.
[Ividiyo]
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwalimala 4 wabasolwa ngokugqekeza emzini osePinetown
Imoto yomshayeli olimele nayo ishisiwe kuyo le nxanxathela yezitolo.
Lokhu kuhlasela kusolwa ukuthi kuhlobene nodlame oluqhubekayo, kanye nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabashayeli bezokuthutha kobuchwepheshe besimanje (Uber) kanye nabashayeli bamatekisi.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uDimakatso Nevhuhulwi uthi baphenya icala lokubulala, namacala amabili okuzama ukubulala kulandela isigameko.
UNevhuhulwi uvumile ukuthi le ndawo inomlando wodlame phakathi kwabashayeli bezokuthutha kobuchwepheshe besimanje(Uber) kanye nabashayeli bamatekisi phambilini.
Abaseshi bodlame lwamatekisi bakwa-SAPS kanye nezinye izinhlaka ezifanele zomthetho ziqokiwe ukuze ziphenye futhi ziqaphe isimo.
