
Izikhulu ziyaqhubeka nokuxoshwa kwabantu ezindlini ezingaphansi kweDolobha lase-kuRhuleni eGermiston, lapho abantu abaningi besolwa ngokuhlala ezindlini ngokungemthetho.
“Lapha kunezindlu ezingama-440 eziqashiswayo. Ngakho-ke, noma ubani ohlala lapha kufanele akhokhe i-rent,” kusho uKgopelo Hallo oqhamuka kwa-Human Settlement.
OLUNYE UDABA: Lisha ubuhanguhangu ibhilidi loMnyango wezaseKhaya eGermiston
Uthe leli bhilidi linemali elinganiselwa ku-R14 000, kodwa kungenzeka ukuthi alifakwanga ohlwini lwabanikazi balo futhi akuhlosiwe ukuba libe kuleyo ndawo. Kanti futhi Incwadi yokuxoshwa yakhishwa ngoJune, okuyinto abahlali ababeyazi ngayo”, echaza.
