
UFloyd Shivambu uthi ukwemukela ngemhliziyo emhlophe ukunqanyulwa kobulungu bakhe emabhukwini eqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP), futhi akekho umholi walo amubambele iqgubu.
Phambilini uShivambu ubengunobhala-jikelele noMdidiyeli weMK Party kuzwelonke ngaphambi kokumemezela ukuthi uyashiya kuleli qembu, alijoyine esuka kwi-EFF.
“Ngeke ngisiphikise lesi sinqumo ngoba ngiyazihlonipha izinhlelo nezinhlaka zeqembu engike ngalisebenzela. Ezinyangeni eziyishumi ezedlule ngiyingxenye yobuholi neMK, ngibe nenhlanhla yokusebenza namaqabane azinikele empini yokuthuthukisa abantu baseNingizimu Afrika ngokomnotho nangokobulungiswa,” esho.
OLUNYE UDABA: Isithangami nabezindaba sikaFloyd Shivambu ngoLwesine ‘akusiso eseMK’
Ubonge amalungu aleli qembu nabaholi, wabe eselifisela okuhle kodwa. Uthi ukunqanyulwa koblungu bakhe kuzomnika ithuba elanele lokugxila enhlanganweni yakhe i-Afrika Mayibuye, nohlelo lwayo lokuzwa izimvo zabantu.
“Leli qembu liqinise ukuzibophezela ebuholini obuqotho nasempini yokungalingani, nenkohlakalo. Isipiliyoni engisitholile kasikushintshanga engikholelwa kukho, kodwa sikwenze ngcono, sangilungiselela isikhathi esizayo ekusebenzeleni izwe.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
