
Amaphoyisa athi izibhamu namanje kuseyizikhali ezisetshenziswa kakhulu emacaleni okubulala nokuzama ukubulala.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebophe abasolwa abangaphezu kuka-8000 kusukela kwethulwe kabusha i-Operation Shanela ngoJune.
Kuboshwe abasolwa abangaphezu kuka-2000 kuzo zonke izifunda ezingu-11 ngamacala ahlukene.
Abasolwa abangu-121 babhekene namacala okubulala.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokubulala 3 wabantu eMthwalume
Amaphoyisa aqhube umsebenzi wawo emisa abantu nezimoto bezisesha baphinde bagasela nasezindaweni zokucima ukoma.
Izibhamu yizo ezihamba phambili kumacala anodlame.
Amaphoyisa ophiko lwe-SAPS athi asenyuse imizamo yokukhipha izibhamu ezingekho emthethweni emigaqweni, kwashaqwa izibhamu nezinhlamvu ezingu-159 ezingekho emthethweni.
Lo msebenzi uholele ekutheni kuboshwe abantu ngamacala okushaya, ukuzama ukubulala, izidakamizwa nawokudlwengula.
Amaphoyisa athi angeke esabheka emuva ngoba afuna imiphakathi ibe yindawo ephephile.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
