
INkantolo yeSifunda eNtuzuma igwebe uPhathesakhe Thuthukani Ngiba oneminyaka engu-25 ubudala udilikajele neminyaka engu-12 ngokubulala ikhansela ngoSeptember 2022 KwaMaphumulo.
UNgiba ugwetshwe nangamacala okuphatha isibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho
Umufi uZakhele Khuzwayo oneminyaka engu-44 ubudala wayeyikhansela kuMasipala iLembe.
Ngomhlaka-15 September 2022 ntambama, uKhuzwayo wayeshayela imoto yakhe emgwaqeni owubhuqu wase ehlangana nomuntu amaziyo bama baxoxa. Kuthe besaxoxa kanjalo kwaqhamuka imoto thizeni yama kwehla umuntu waqonda emotweni kaKhuzwayo.
Kwadutshulwa uKhuzwayo amahlandla amaningi wase ebaleka lo mlisa owenza lokhu. Umuntu owayexoxa noKhuzwayo wabaleka wayofuna usizo.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala indodana, 6, eKZN
UNgiba waboshwa ngenxa yezinsalela zeminwe yakhe ezatholwa emotweni kaKhuzwayo.
UMshushisi u-Advocate Elvis Gcweka wethule ubufakazi beminwe wabiza nofakazi owazibonela owayexoxa noKhuzwayo ngesikhathi ehlaselwa.
UGcweka ekhonga isigwebo esiqinile,wethule isitatimende sikankosikazi kamufi asibhale eluswe wuThandeka Nadi Mofokeng oyi-Court Preparation Officer. Uthe emuva kwesigameko amalungu omndeni asola yena ngokufa kukaKhuzwayo. Uthe lokhu kwamdalela ukhwantalala nexhala. Uchaze umufi njengomuntu owayelungile enothando. Uthe ukubulawa kwaKhuzwayo kubakhinyabeze kakhulu yena nezingane njengoba kusenzima ukudlula kukho.
UNgiba ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka ewu-10 ngokuphatha isibhamu ngokungemthetho neminyaka emibili ngokuphatha izinhlamvu ngokungemthetho. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-National Prosecuting Authority iyasemukela isigwebo futhi income ukubambisana Phakathi kwabashushisi, yithimba lePolitical Killings Task Team yaseKZN nezinye izinhlaka. Sinethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
