
I-National Consumer Commission (NCC) isicele amakhasimende abuyisele emuva izimoto ezingu-253 zohlobo lweVolkswagen Polo sedan ngenxa yenkinga ezinayo yama-seatbelt.
Kubikwa ukuthi lezi zimoto kufanele zibuyele emuva ngenxa yokufakwa kwamabhande ezihlalo ngendlela engekho kahle onhlangothini lomshayeli nelomgibeli ngesikhathi zakhiwa.
Ngokusho kwenkampani ekhiqiza iVolkswagen of South Africa (VWSA), lezi zimoto zazithengiswa emagaraji kusukela ngomhlaka-11 August 2022 kuze kube yimanje.
Ngesonto eledlule i-NCC imemezele ukubuyiselwa emuva kwezimoto ezingu-18, ezithintekile kule nkinga yokukhiqiza izimoto, edalwe ukuxutshwa kwamabhande.
OLUNYE UDABA: Kutholwe izimoto ezimbili ezebiwe KwaMashu
I-NCC ithole okunye ukubuyiselwa emuva okuthinta ezinye izimoto ezingu-253. Ngokusho komphakeli, ukubuyiselwa kwezimoto emuva kungenxa yephutha lebhande lesihlalo sangakwesokudla; womabili amabhande angemuva (kwesokunxele nakwesokudla) adinga ukuhlolwa.
“Ngenxa yalo monakala, ukusebenza kwamabhande ezihlalo kungase kube nzima kakhulu uma kwenzeka ingozi. Lokhu kungaholela ekulimaleni okubi kakhulu noma ukushone komshayeli.
Abathengi bayalulekwa ukuthi bathinte noma yisiphi isitolo esigunyaziwe sakwa-VWSA ukuze bakwazi ukuhlolelwa kanti futhi uma kunesidingo, bengashintshelwa ingxenye ethintekile,” kusho i-NCC esitatimendeni izolo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
