Kushone abasolwa ababili kudutshulwana namaphoyisa kwaMaphumulo

Kushone abasolwa ababili ngesikhathi bedubulana namaphoyisa aKwaZulu-Natal endaweni yakwaMaphumulo.

Amaphoyisa abelandela umkhondo mayelana nezinsolo zozungu lokubulala ilungu lephoyisa lophiko lwe-SAPS.

Umkhondo uwaholele edolobheni elisemaphandleni ngaphandle nje kwaKwaDukuza.

OLUNYE UDABA: Kubulawe ungqondongqondo wokuthumba abantu waseMozambique kwesokudubulana

Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini awuhlonze njengendawo yokucasha, kuthiwa amadoda amabili avulele ngenhlamvu ebhekise kuwo, kwase kwadutshulwana.

Kutholwe isibhamu.

Laba bebefunelwa icala abalenza phambilini lokuzama ukubulala elithinta iphoyisa.

Awekho amaphoyisa okubikwe ukuthi alimale kulesi sigameko sokudubula.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)