
I-National Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, iyasithokozela isinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwini sokugweba uPhilani Siyabonga Ndwandwe ngodilikajele , emuva kokuba uMbuso wedlulise isinqumo ngesigwebo ayesithole ngonyaka ka-2023.
Phakathi kukaJuly 2018 no-April 2020, uNdwandwe waxoxa nezisulu eznkundleni yezokuxhumana iFacebook ebathembisa umsebenzi. Wayevame ukuhlangana nezisulu eMaoti naseCongo bese ehamba nazo.
Kuyothi endleleni bese ebajikela abasabise ngommese abashove ehlathini abadlwengule. UNdwandwe wavela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, wawavuma amacala okudlwengula amahlanu, wagwetshwa iminyaka engu-15 ngecala ngalinye.
Amacala amabili anesigwebo sikadilikajele esibekiwe ngoba esinye isisulu sasikhubazekile kanti esinye sashawa kabuhlungu. Inkantolo ayichazanga isizathu sokuchezuka kulesi sigwebo esibekiwe kodwa yagweba uNdwandwe iminyaka engu-15 nakulawo macala anesigwebo sikadilikajele. Amabili lawo macala ehlangene akhipha iminyaka engu-30.
OLUNYE UDABA: Umdlwenguli odlulise isinqumo wenyuselwe isigwebo
UMshushisi oMkhulu waseNtuzuma ngaleso sikhathi, u-Adv Kistnasamy wayengenelisekile ngesigwebo udaba waludlulisela ehhovisi loMqondisi wezokuShushisa KwaZulu-Natal.
Ngenxa yamaphuzu athile, kwathathwa isinqumo sokwedlulisa udaba. Umbuso wafaka isicelo sokwedlulisa udaba eNkantolo eNkulu. Sagunyazwa isicelo sabekelwa umhlaka-3 July 2025.
U-Advocate Kelvin Singh obemele I-NPA uthe inkantolo kwakufanele ikhiphe isigwebo sikadilikajele emacaleni amabili okudlwengula. Uthe amacala okudlwengula aphazamisa amalungelo ezisulu angokomthethosisekelo, isithunzi nobuntu bazo.
USingh ucaphune amacala ase-Supreme Court of Appeal (SCA) lapho inkantolo eyasenyusa khona isigwebo sisuka eminyakeni engu-6 kuya kudilikajele. Wacela inkantolo ukuthi yenze okufanayo nakuNdwandwe.
Eqhubeka ecaphuna i-SCA, uSingh uthe ukudlwengula yisenzo esihlukumezayo futhi sidla lubi nakuba kunesigwebo esibekiwe eSouth Africa.
INkantolo eNkulu eThekwini ivune umbuso yachitha isigwebo seminyaka ewu-15 emacaleni amabili okudlwengula yafaka udilikajele.
Ukukhishwa kwesigwebo sikadilikajele kukhomba ubucayi bamacala. Ukunukubeza ngokocansi ngeke kubekezelelwe futhi abakwenzayo bazobhekana nolaka lomthetho. I-NPA izimisele ukulwa nesihlava sodlame lobulili
Ukubambisana ne-SAPS kuthela izithelo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
