Uthule du uMasemola ngezinsolo zamadokodo avalelwe ehhovisi likaSibiya

UKhomishana wamaphoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, utshele abezindaba ngeSonto ukuthi angaphezu kuka-100 amadokodo amacala aphenywayo asuswe kwithimba eliphenya ngamacala okubulala adluliselwa ehhovisi leSekela likaKhomishana kazwelonke ohlola ubugebengu, uShadrack Sibiya.

UMkhwanazi uphinde wasola uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ngokugxambukela ekhala ngokuthi wakhipha umyalelo wokuthi kuhlakazwe ithimba elijutshiwe.

UMkhwanazi uphinde wasola uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ngokugxambukela ekhala ngokuthi wakhipha umyalelo wokuthi kuhlakazwe ithimba elijutshiwe.

OLUNYE UDABA: UMchunu uchitha okushiwo nguKhomishana wamaphoyisa aseKZN

NgoLwesithathu uMasemola ebuzwa ngamadokodo aseVanderbijlpark eGauteng, kodwa wangaphuma nagama.

“ Ngicabanga ukuthi ubonile kwabezindaba ukuthi kuya le nale.  Njengoba umengameli eshilo, uzongenelela, akangenelele, kuzoba yizindaba ezophenywa.”

UMasemola uthe bazotshela uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuqhubekayo.

Ukuqinisekisile nokuthi ezokuphepha zikaMkhwanazi seziqinisiwe.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)