URamaphosa uthembise ngokubhekana nalabo abathintekayo odabeni oludalulwe nguMkhwanazi

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi bonke labo okuzovela ukuthi abenzi kahle kulokhu okuvezwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkwanazi bazothathelwa izinyathelo ezinqala ngokwemithetho yezwe.

URamaphosa ukusho kanje ekhuluma nabezindaba ekupheleni kwengqungquthela yeBRICS ephele eRio Jenairo eBrazil.

UMkhwanazi usola ukuthi uphiko lwamaphoyisa lungenelwe ngamaqembu ezigebengu waphinde wasola uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ngokuhlala exhumana namaqembu ezigebengu nokuhlakaza ithimba, iPolitical Killing Task Team ngaphandle kwesizathu.

OLUNYE UDABA: UMchunu uchitha okushiwo nguKhomishana wamaphoyisa aseKZN

UMengameli uRamaphosa uthi lezi zinsolo zibucayi njengoba zinomthelela kwezokuphepha kwezwe.

“Kuyacaca-ke ukuthi lolu wudaba okumele ngizobhekana nalo uma ngifika ekhaya, kuzomele ngilubhekisise kahle bese ngixoxisana kahle nedlanzana labantu emuva kwalokho kube nendlela ecacile eya phambili.

“Lolu daba lusemqoka kumele lusukunyelwe, luwudaba olubucayi oluthinta ukuphepha kwabantu bakithi, kodwa futhi luthinta nokulandelwa kwemithetho yamaphoyisa.

“Amaphoyisa abamba iqhaza elibalulekile ekuqiniseni umthetho wethu, ukuphepha kwabantu baseNingizimu Afrika, nokuthi labo abenzi bokubi kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala ngokulandela umthethosisekelo wethu nemithetho yethu,” kusho uRamaphosa.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)