
UMasipala weTheku ukubonile ukukhathazeka komphakathi kulandela umbhalo ezinkundleni zokuxhumana omayelana nesaziso sasemtholampilo esicela iziguli ukuthi zilphathe omazisi bazo uma zivakashele emtholampilo.
Ngeshwa lesi saziso sihunyushwe kabi njengoba kubukeka sengathi kuphakanyiswa ukuthi abantu abangenawo umazisi angeke baluthole usizo lwezempilo emtholampilo. IDolobha lithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi akunjalo.
OLUNYE UDABA: Kunxuswa iTheku ukuba lidedele umhlaba ukuze kwehliswe ukuminyana kwabantu emijondolo
Njengengxenye yenqubo evamile, iziguli ezivakashela noma yimuphi umtholampilo kaMasipala okokuqala ngqa yizo ezicelwa ukuba ziphathe omazisi bazo kuphela ngenhloso yokuvula ifayela lesiguli. Uma ifayela selivuliwe, iziguli akudingeki ukuba zibaphathe njalo omazisi uma ziya emtholampilo.
IDolobha lisazibophezele ekuhlinzekeni ngosizo lwezempilo olufinyeleleka kubo bonke abantu futhi likhuthaza abahlali ukuthi baqhubeke nokusebenzisa imitholampilo yalo engu-59 ukuze bathole usizo lwezempilo.
Umphakathi uyanxuswa ukuba ungadukiswa wulwazi olungaqondile futhi uxhumane nomtholampilo wendawo ukuze uthole incazelo eqondile mayelana nezinqubo zokuthola usizo lwezempilo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
