
Ummeli womsolwa owavuma icala lokubulala owayenguNobhala Jikelele we-ANC Youth League uthi iqembu likweleta umndeni kaSindiso Magaqa uxolo.
Ukulalelwa kwenqubo yokukhishwa kwesigwebo sowabulala uSindiso Magaqa kuqale eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoMsombuluko.
USibusiso Ncengwa uvumile ukuthi wayeyingxenye yetulo lokubulala uMagaqa, owadutshulwa eMzimkhulu ngonyaka ka-2017.
Kusolwa ukuthi uMagaqa wayelandelwa ngenxa yokudalula inkohlakalo ngaphakathi kumasipala wendawo.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba kugwetshwe ummangalelwa kwelokubulawa kukaSindiso Magaqa
Ummeli kaNcengwa, u-Andrew Matlamela, unxuse inkantolo ukuthi imnike isigwebo esincane, ethi ikhasimende lakhe likhombise ukuzisola wabe esedalula namagama abantu ababemuthume ukuba abulale uMagaqa.
UMatlamela, utshele inkantolo ukuthi uNcengwa usehlale iminyaka eyisishiyagalombili esitokisini ngaleli cala, wanxusa ukuba athole isigwebo esincane futhi uvele udonsa iminyaka engu-30 ngamacala ahlobene necala lokubulala, ukuzama ukubulala nelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
UNcengwa ukhombe iMeya yaseMzimkhulu engasekho emhlabeni njengongqondongqondo ekubulaweni kukaMagaqa.
U-Advocate Matlamela uthi iqembu bekumele lithathe isinyathelo ngaleso sikhathi.
“Kwakumele bathumele ithimba le-ANC ukuthi liye kwaMagaqa liyoxolisa basho ukuthi amalungu ethu aphezulu abulala uSindiso, kodwa akukaze kwenzeke lokho. Abakushoyo manje wukuthi lokhu kubulala kuyiphazamisile inhlangano.”
Khonamanjalo, ukulalelwa kwesigwebo sikaNcengwa kuhlehliselwe umhlaka-7 July 2025 eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Newswatch
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
