Kulindeleke ukuba anyuke amanani kaphethiloli ngoJuly

Ngemuva kokwehla kukaphethiloli izinyanga ezine zilandelana, kulindeleke ukuba yenyuke intengo kaphethiloli ngoJuly kulandela ukwenyuka kwamanani kawoyela emazweni omhlaba.

I-data yokuphela kwenyanga yeCentral Energy Fund (CEF) ikhombisa ukuthi intengo kaphethiloli kungenzeka inyuke phakathi kuka-50 cents (93 Unleaded) no-53 cents (95 Unleaded), kanti udizili wona kubukeka uzonyuka phakathi kuka-82 cents (500ppm) no-84 cents (50ppm).

Ngemuva kwalokhu kunyuka, ilitha ye-95 Unleaded izobiza cishe u-R21.09 ogwini kanye no-R21.88 phakathi nezwe, kanti i-93 Unleaded izobiza cishe u-R21.74.

OLUNYE UDABA: Izothi ukwehla kancane intengo kaphethiloli kule nyanga

Intengo kadizili engu-50ppm kungenzeka inyuke ifinyelele ku-R18.65 ogwini kanye no-R19.41 phakathi nezwe.

Khumbula ukuthi lezi zibikezelo zisekelwe yi-data engakahlolwa. Ukulungiswa kokugcina, nokusemthethweni, kwentengo kaphethiloli kuzomenyezelwa nguMnyango Wezokumbiwa Namandla kuleli sonto.

Lokhu kunyuka kwentengo kaphethiloli nodizili kuza ngenxa yokukhuphuka kwamanani kawoyela emhlabeni wonke.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)