
Inhlangano iFederated Hospitality Association of South Africa (Fedhasa) ithi izinga eliphezulu lobugebengu kanye nengqalasizinda engekho esimeni esihle isaqhubeka nokulimaza isithunzi sesifundazwe saKwaZulu-Natal.
UBrett Tungay walo soseshini uthi iKwaZulu-Natal isenezinto ezinhle esazozikhipha.
“ Sisenemkhiqizo emihle futhi encomekayo esisahlinzeka ngawo e-KZN, okumele sikwenze ukuthi sikubuyisele ezingqondweni zabantu ukuthi iKZN iyindawo ehamba phambili yezokuvakasha, okuyinto esiyiyo.
OLUNYE UDABA: Babalelwa ku-45 000 abazohambela iHollywoodbets Durban July eThekwini
“Njengesifundazwe sisebenza kakhulu ukuzama ukulungisa ingqalasizinda yethu. Sibe nomhlangano ngesonto eledlule eMnambithi neminyango kahulumeni eyehlukene mayelana mayelana nokuzama ukulungisa ukuhlinzekwa kwamanzi komasipala, ukungena kwemigwaqo esifundazweni sonke.”
Ngesonto eledlule, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, udalule imizamo yePresidential Working Group eThekwini elenze u-R17 billion wokuthuthukisa ezokuvakasha.
UTungay uthi umkhakha weHospitality usebenzisana nohulumeni ukushintsha indlela izivakashi eziyibuka ngayo iKZN.
“Sibe nemihlangano eminingi neDurban Tourism kanye neKZN Tourism and Film Commission mayelana namasu okuzama ukuthuthukisa isithunzi sethu kuleli nasemhlabeni jikelele njengendawo yezokuvakasha.”
Khonamanjalo, iTheku lilungiselela ukusingatha iHollywood Bets Durban July ngempelasonto, okulindeleke ukuthi ifake imali ebalelwa ku-R600 million.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
