
INkantolo yeSifunda eMtubatuba igwebe indoda eneminyaka engu-49 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-41 ubudala.
Isisulu nommangalelwa babazana kanti isigameko senzeka eMakhowe, eHluhluwe.
Ntambama ngomhlaka-5 Augusti 2022 isisulu sasihamba siya kubo sisuka kwamakhelwane ngesikhathi sibona ummangalelwa esangweni lakubo lesisulu.
Wakwazi ukumbona ngoba uyamazi futhi kwakukhanya ugesi. Isisulu sazama ukubaleka kodwa sawa ngomhlane. Ummangalelwa wamcindezela wamshaya ngequpha nangempama.
Isisulu ngesikhathi sizama ukusukuma, ummangalewa wasibeka ummese esifubeni wasisabisa ngokusibulala wasidlwengula.Wamkhahlela wamthuka wase ebaleka.
Isisulu esasopha ebusweni savuka saya kubo safika sabika kudadewabo. Amalungu omphakathi abikelwa ngodaba ahlaba umkhosi acinga ummangalelwa amthola kubo waboshwa.
OLUNYE UDABA: Udilikajele kolahlwe ngecala lokudlwengula
Isisulu saphuthunyiswa esibhedlela saxilongwa wudokotela owaqaphela ukulimala ebusweni nasemlonyeni. Udokotela wathatha nezinsalela zolibofuzo.
Umshushisi wombuso, uSiphelele Precious Mdluli ubize isisulu safakaza, kwaba wudadewabo wesisulu nodokotela owamhlola. Kwethulwe nombiko we-J88 nowolibofuzo owakhomba ummangalelwa.
Nakuba le ndoda ethweswe icala lokudlwengula elihambisana nodilikajele kodwa umbuso ubuzama ukuthi kubhekwe nokuthi isisulu sashawa salimala.
Inkantolo ithe isisulu asilimalanga kabi kodwa yimihuzuko nje.
Lokhu kusho ukuthi ummangalelwa bekungenzeka athole isigwebo esingaphansi kwesikadilikajele.
Umshushisi inkosazana Mdluli unxuse inkantolo ukuthi ayikhiphe isigwebo sikadilikajele ngoba le ndoda yake yalahlwa yicala ngo-2009. Uthe kuyacaca ukuthi ummangalelwa akasifundanga isifundo ekuqaleni.
UMshushisi wethule isitatimende sikamgilwa asenze eluswe wuSthembile Cebekhulu oyi-Court Preparation Officer. Umgilwa uthe uzizwa engaphephile emphakathini ngoba isigameko samehelal esangweni.
INkantolo ithe ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi igama lakhe kufanele lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
Isigwebo siveza indlela asukunyelwa phezulu ngayo amacala ocansi.
Sizimisele ukulwela abagilwa bodlame lobulili bathole ubulungiswa. Sincoma UMbuso nokulwela ukuthi kukhishwe isigwebo sikadilikajele.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
