
Isibalo sabantu abasebenzayo eNingizimu Afrika sehle ngo-74,000, noma u-0.7%, ngekota yokuqala ka-2025.
I-Statistics South Africa ikhiphe izibalo zakamuva zeQuarterly Employment Statistics ngoLwesibili.
Isibalo sokuqashwa kwabantu sehlile, sisuka ku-10,653,000 ngoDecember 2024 sashona phansi sayohlala ku-10,579,000 ngoMarch 2025.
Izimboni eziye zaba nokwehla, kubalwa nezohwebo, ngo-52,000; izinsiza zomphakathi, ngo-17,000; izimayini, nabangu-4 000; kanye nezinsizakalo zebhizinisi, ezinenkulungwane(1,000).
Imboni yezokwakha kanye nekagesi nayo ibhekane nokwehla kwemisebenzi engu-1 000, kanti imboni yezokuthutha yona ayishintshile.
OLUNYE UDABA: “Sikhulu isibalo sabantu ababoshelwe awokudlwengula eKZN kuleli sonto”
Yize kunjalo, ukukhiqiza kukhuphuke ngo-2,000, noma u-0.2%.
Ukuqashwa ngokugcwele kwehle ngo-55,000, noma -0.6%, ikota ngekota, kusukela ku-9,503,000 ngoDecember 2024 kuya ku-9,448,000 ngoMarch 2025.
Ukuqashwa ngokwetoho kona kwehle ngo-19,000, noma -1.7%, ikota ngekota, kusukela ku-1,150,000 ngoDecember 2024 kuya ku-1,131,000 ngoMarch 2025.
“Imali engenayo ekhokhelwa abasebenzi yona yehle ngo-R47.3 billion, noma u-4.6%, isuka ku-R1.03 trillion ngoDecember 2024 yaya ku-R983.1 billion ngoMarch 2025.
“Amaholo ajwayelekile/amaholo akhokhelwa abasebenzi yona ehle ngo-R9.4 billion, noma u-1.1%, asuka ku-R890 billion ngoDecember 2024 aya ku-R881 billion ngoMarch 2025,”kusho isitatimende.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
