
Kulimale abantu besifazane ababili ngemuva kokuba imoto abebehamba ngayo igingqika yayokhalakathela emzini okuPrimrose Drive eSouthridge, eVerulam, KwaZulu-Natal namuhla.
AbeReaction Unit South Africa (RUSA) Operations Centre ithole imibiko emayelana nokuginqika kwemoto yohlobo lweHonda Ballade egrey ngombala.
Ngesikhathi befika endaweni yesigameo, bafice imoto ibilele ngohlangothi eceleni kodonga lomuzi.
OLUNYE UDABA: Usesitokisini umfana, 12, odale ingozi edlule nomphefumulo
Kubikwa ukuthi abagibeli bale moto bobabili bathole ukulimala kule ngozi.
Umshayeli oneminyaka engu-72 ubudala uthe ubejika engena egcekeni wabe esenyathela kakhulu i-accelerate. Imoto yakhe ibe isiphaphalaza yaginqika yayohlala egcekeni lakwamakhelwane. Lo mshayeli nabehamba naye oneminyaka engu-53 bathole umuhuzuko.
Bobabili baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo.





RUSA
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
