Kushone abangu-12 engozini yebhasi ngaseVryheid

Kushone abantu abangu-12 ngemuva kokuba kushayisane iloli nebhasi ku-R34 ngaseVryheid emuva kwamabili ezintatha.

Kusolwa ukuthi iloli lishayisane nebhasi kanti njengamanje akukacaci ukuthi yini edale ingozi.

OLUNYE UDABA: Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ingozi yebhasi yasoThongathi

Kuphuthunyiswe abagibeli abayishumi ezibhedlela eziseduze kulandela ukulimala kanzima.

Ibhasi belithwele abalandeli beqembu lepolitiki abebehambele imigubho yoSuku lweNtsha eThekwini.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uNadabezinhle Sibiya uthe, “UNgqongqoshe uzoxoxisana nomholi weqembu lezepolitiki futhi njengoba siqhubeka, uNgqongqoshe uzokwazisa abantu baKwaZulu-Natal aphinde aveze ukuthi sizoqhubekela kanjani phambili. Udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile. Kodwa okubalulekile wukuqinisekisa ukuthi yonke imindeni yabashonile yaziswa ngendlela efanele.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)