
UMengameli uCyril Ramaphosa uzovakashela eMthatha e-Eastern Cape lapho kuhlasele khona izikhukhula.
UMengameli uzolibangisa e-Eastern Cape kusasa, ngoLwesihlanu.
Isibalo sabantu abashone kulezi zikhukhula sesimi ku-67 e-Eastern Cape kuleli sonto.
UMengameli uthe, “Ngizoya khona kusasa (ngoLwesihlanu) ngiyobona kahle isimo lapho abantu behlukumezeke khona sibheke nendlela esingabaduduza ngayo nokuthi yiziphi izinyathelo esingazithatha siphinde sibeseke, sidulise namazwi enduduzo kwabahanjelwe.”
Bangaphezu kuka-2,000 abantu asebesale dengwane esifundazweni esingumakhelwane.
OLUNYE UDABA: UHlabisa umemezele u-R1.4bn wokusiza izifundazwe ezikhanyezwe yizikhukhula
Ekhuluma engqungqutheleni ye-Africa Green Hydrogen Summit eKapa, uRamaphosa uthe uhulumeni uzobheka indlela yokweseka iziphathimandla zase-Eastern Cape ngale nhlekelele.
UMengameli wengeze ngokuthi kunesidingo esikhulu sokwakhiwa kwamandla okulawula izinhlekelele ngendlela efanele.
“ Sike sabona ukushisa okuyisimanga, yizimvula ezinamandla nemililo yequbula kulesi sifundazwe kanjalo naseWestern Cape. Akugcinanga lapho wake kwaba nezishingishane kwezinye izingxenye zezwekazi lethu kanye nesomiso esidonse isikhathi eside, ikakhulukazi eFree State nase-Eastern Cape.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
